Enkundleni

Enkundleni

Share

Enkundleni ikhasi elikuthulela izindaba zebhola ngolimi lwesiZulu

19/06/2026

Umdlali weqembu lase Germany iWerder Bremen uVictor Boniface uthi ngenkathi esadlala ezweni lase Norway ubeboleka imali eqenjini njalo ngo December uma efuna ukugoduka eye ekhaya eNigeria. Lomdlali wasayinwa yiqembu lase Norway i-FC Bodo/Glimt ngo March 2019 lapho adlala khona imidlalo engu 66 washaya ama goals angu 23 ngaphambi kokuthi adlulele eBelgium ngo 2022 ku Union Saint-Gilloise. UBoniface uthi yena ubezama ukubeka imali kodwa kushaye December ingahlangani bese kuphoqeleka ukuthi aboleke eqenjini umholo wakhe wezinyanga ezimbili iqembu bese libuye liyibamba leyomali ngokuhamba kwesikhathi.

19/06/2026

Iqembu lase Kapa iStellenbosch FC selimemezele ukuthi sebehlukene ngezindlela nomdlalo walo u-Ibraheem Jabaar. Leliqembu lithi akuvunyelwananga nge contract entsha nalomdlali

19/06/2026

Siyanda isibalo sabadlali abashiyayo kwiqembu lase KZN iLamontville Golden Arrows njengoba kuvela ukuthi noThabo Matlaba akasabuyi uma kuphela i-contract yakhe ephela ekupheleni kwenyanga. Abanye abadlali abahambayo ngoBrandon Theron, uKeenan Phillips, uSanele Shabalala, uGladwin Sh*tolo, uSazi Gumbi noNduduzo Mhlongo.

19/06/2026

Lowo owayengumdlali we Orlando Pirates oseneminyaka engu 53 ubudala u-Innocent Chikoya ukhala ngama Agent antshontsha abadlali ku Academy yakhe. UChikoya osevundulule abadlali abaningi esingabala kubo no Sebelebele iqembu lakhe i-FC Leapers ilona eliwine iPirates Cup kulonyaka ebese liyingenela okuka 10.

“Emva kokuwina iPirates Cup kulonyaka omunye wabafana bami uvele wayosayina i-contract ka 2 years nenye Agent. Khumbula ithina esenza umsebenzi omkhulu emazingeni aphansi. Siyazikhokhela izinto nezindawo esizisebenzisayo ukuthi labafana baziqeqeshe, ithina esenza isiqiniseko sokuthi siyabatholela transport yokuthi bekwazi ukufika enkundleni, bese kuqhamuka umuntu ezomthatha kalula nje lowomfana. Ngilahlekelwa imali eningi ukukhokhela lapho labafana bezilolongela khona. Uma uyi agent futhi u professional yingani ungezi kithi uzothi bafethu yini esingayenza ukunisiza ukuze sizolekelelana. Okuncono ke ukhiphe imali ye transport ukuya emdlalweni ukuyobheka lamakhono ukuze ke sizokwenza isivumelwane sokuthi umuntu nomuntu ethole ingxenye 50/50. Yebo ngiyavuma uyi Agent kodwa awazi lomfana sisuke simqalephi naye eqalephi. Wena nje uvele uqhamuke usuzomthatha usuyodla imali ngaye. Inselelo esibhekene nayo njengezinkulisa ukuthi kunzima ukuthi labantwana ungabakhokhisa inyanga nenyanga ngokuziqeqesha ngoba uzongalutholi loluhlobo lwe talent olufunayo. Iningi labafana abanethalente baphuma emizini entulayo kwezezimali bengagcina sebelahlekelwe yithuba ngenxa yokushodelwa yimali. So ngalesosizathu ke wena njengomnikazi we academy ugcina usukhava zonke izindleko ngephakethe lakho” kuchaza uChikoya.

19/06/2026

Umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uHugo Broos uthi iqembu lesizwe lidlale kancono izolo.
Ngabe uyavumelana nomqeqeshi noma cha? Uma uvumelana naye ngokubona kwakho yini le esikwaze ukuyenza kancono kwi approach yethu yale game yayizolo. Nanokuthi ikuphi okumele sokwenze emdlalweni wethu wokugcina ne South Korea. Khumbula ukuwina kwethu ku South Korea kungasenza sibe ngaphezu kwayo ngamaphuzu njengoba inamaphuzu amathathu emdlalweni emibili kulandela ukuthi yehlulwe yi Mexico ngo 1-0 namuhla ekseni. Thina sinephuzu elilodwa.

Uma singawina bese iMexico iwine nayo singaqeda kwi group singu number 2 okuzokwenza sidlulele phambili.

Imiphumela ka Group A

South Africa 1-1 Czech Republic
Mexico 1-0 South Korea

19/06/2026

Lowo owayengumgadli weqembu lase England i-Arsenal kanye neqembu lesizwe lase France uThierry Henry ukhwele wadilika kumdlali wase South Africa uTeboho Mokoena. Lensephe ikhaliswa indlela uMokoena ajabulele ngayo i-goal bedlala idraw ka 1-1 ne Czech Republic.

“Ngizokhuluma iqiniso nje. Ngyahluleka ukuqomda ukuthi yini ebisingaze imjabulise kanje. Bekuyi penalty yokukhava ukuthi kube ngu 1-1 hhai i-goal lokuwina. Ungafunga ukuthi bekungelokuwina iFIFA World Cup kubo. Come on Guys. Ngiyasiqonda isimo ebebekuso, ngiyayiqonda incindezi ebebebhekane nayo. Kodwa ke umsebenzi bebengakawuqedi. Bekusamele badlale. Into okumele uyenze thatha ibhola uyolibeka esisingini se centre uyozama ukuthi niphinde niphushe futhi ukuthi niwine umdlalo. ISouth Africa ikhombise okukhulu ukuzimisela ibuya futhi ifanelwe ukunconywa ngalokho kodwa ke ukuba nami bengikhona kulelaqembu bengizobatshela ukuthi amaphaphu phansi ni focus emdlalweni nizame ukuthola i-goal lesibili. Ngoba iphuzu elilodwa lihle lona kodwa amaphuzu amathathu ebengashintsha yonke into” kuchaza uHenry

Khona manjalo uHenry usandakutholana phezulu nenye insephe yebhola uPatrice Evra ngakho ukugxeka emva kokuthi ekhwele wadilika ku Cristiano Ronaldo ethi ama movement akhe phambili ayabheda. U-Evra ube esemphendula uHenry

“Kuyahlekisa ukuthi uThierry Henry uyena osefuna ukufundisa uRonaldo ukuthi ama move akhe ebhokisini kumele ewenze kanjani. Uyalazi ihlaya. Ngu Cristiano Ronaldo lo eskhuluma ngaye, indoda enama goal amaningi ukubedlula bonke emhlabeni emlandweni webhola. Udlale u number 9 washaya ama amaningi kunaye uHenry lomgxekayo namuhla” kuchaza u-Evra

19/06/2026

World Cup Full Time

Switzerland 4-1 Bosnia & Herzegovina
Canada 6-0 Qatar

18/06/2026

Basakhungathekile abadlali beqembu elingomakoti ku PSL iKruger United njengoba kuvela ukuthi sebengene kwinyanga yesibili bengayitholile imiholo yabo.

18/06/2026

Kuvela ezithi usevalelisile kubadlali umqeqeshi we Polokwane City uPhuti Mohafe. UMohafe obe ne season enhle ne Rise and Shine wajoyina leliqembu njengosekela mqeqeshi ku season ka 2016 kuya ku 2018 wabe esedlulela ku Tshakhuma Tsha Madzivhandila. Lomqeqeshi oneminyaka engu 52 ubudala ubuyele kuleliqembu ngo 2022 ezojoyina teachnical team zabe seziyakhula izimendlela ngo December 2023 ngenkathi enikwa isiphundla sokuqeqesha.

18/06/2026

World Cup Full Time

BAFANA BAFANA 1-1 Czech Republic

Want your business to be the top-listed Gym/sports Facility in Durban?

Click here to claim your Sponsored Listing.

Location

Category

Telephone

Website

Address


Durban