Sisaphila futhi!
Mzansi Inspired
π΅π¦π¦§π―π ππ΄π«ππ¦π¦¬ππ¦π¦£π°πΏοΈπ¦π₯π¦π¦π¦ π»ββοΈπ¬π³ππ’π ππ¦π¦πππππππππ
29/07/2026
Uqhubeke uphumule khehlaπ₯
29/07/2026
INYOKA! (Coral snake)
Njengoba kuyihlobo kwamanye amazwe afana noUSA nje, nabo banezinkinga zakhona ezibaxinayo futhi eziyingozi nezilungile.
Nayi ke enye inkinga ababhekana nayo, IZINYOKA! yebo, izinyoka zihlupha yonke indawo uma kuyihkobo noma kwethwasa ihlobo.
EUSA inyoka eyingozi kakhulu, nethi ayifane nenyoka esiyazi la eMzansi uKhokhothi ngezenzo iCoral Snake, cha! Asilazi igama layo lesintu ngoba nayo eyakude.
Lenyoka inobuthi (Neurotoxic) obunzima kakhulu kunazo zonke izinyoka kwelikaTrump kodwa kukancane uzwe kuthiwa ilume umuntu, kunalokho izilumela izinja kanye nezinye izilwane eziyiphazamisayo.
Inamazinyo amafushane ngaphambili ukuze ilume bese iyahlafuna ukuze ikwazi ukufaka ubuthi.
UKUZIPHATHA NENDAWO:
Itholakala eNingizimu-mpumalanga yeUSA koGeorgia, Florida, Masissipi, Louisiana, Alabama, Texas, North/South Carolina. Ithanda indawo enesihlabathi futhi eyihlathi, kanti ibuye itholakale efokosini nexhaphozi futhi ichitha isikhathi esiningi ngaphansi kwamahlamvu.
UKUDLA: idla ezinye izinyoka kanti ayizweli obunye ubuthi bezinye izinyoka, izibankwa, izinyoni, nezilwane zasemanzini.
Lenyoka izala amachwane aphilayo asuka ku3 kuya kwangu 12.
FACT: Lenyoka ithi ayifane noKhokhothi ngoba zombili lezinyoka akulula zikulume kodwa zinobuthi obuyingozi kakhulu, okwenzeka ubuthi bayo bube ingozi ukuthi azinayo iAnti vernom okusho ukuthi maningi amathuba okuthi ushone uma ikulumile.
N**i izithombe zayo:
Shout out to my newest followers! Excited to have you onboard! Collen Mabuza Joshua, Spheh Bhengu
22/07/2026
Mbali nawe Sneh kanti anigcini ngokuyenza la kuFacebook kuphela lento yokudunusaπ© niyenza nakude kanje!!!
18/07/2026
GREEN CHILDREN / Izingane eziluhlaza π²
Isimanga kuthushuka izingane ezinesikhumba esiluhlaza okotshani ebusika.
Le indaba yasendulo eyenzeka eNgilane (England) Cishe ngonyaka ka 1130 AD.
Lezingane ezimbili zavela eduze komuzi oseWoolpit endaweni yase Suffolk, umfana nentombazane bobabili babehluke kakhulu kwabanye abantu ngoba babenesikhumba esiluhlaza cwe! Futhi zigqoke nezingubo abantu babengazazi futhi zingajwayelekile zikhuluma nolwimi olungaziwa muntu.
Abantu bendawo bazithola eduze kwemgodi yokubamba izimpisi kanti ilemgodi eyayenza lendawo ibizwe nge "Woolpit".
Lezingane zazidla ubontshisi oluhlaza kuphela futhi ongaphekiwe, zaziphila ngawo kuphela. Kancane kancane zaqala zafunda isingisi zaqala zadla nokudla okujwayelekile nokwenza ukuthi isikhumba sabo sigcine sesifana nabanye abantu.
Umfana wagula emvakwezinyanga washona kanti intombazane yona yanikwa igama yabizwa ngoAgnes yaphila isikhathi eside yagcina ishade nomlisa wakuyo lendawo.
Zibuzwa ukuthi zivelaphi, zathi ziphuma ezweni laseSt Martin. Yayichaza njengendawo lapho ilangaphumi kahle khona futhi yonke into iluhlaza. Kwakukhona umfula wokukhanya ohlukanise umhlaba wethu nowabo.
Zithi zazigcina futhi ziluse imfuyo kaYise nokuyilapho zezwa umsindo emhubhini/egodini zase zingena kuwo kanti zizoqhamukela emhlabeni wethu.
11/07/2026
Akekho uMzali ekumele engcwabe ingane yakheπ₯ RIP boy! Your talent will never be forgotten!
09/06/2026
Yadl'emnyama, Yadl'emnyama!!!! ππππππ
08/06/2026
YINI EZOKWENZEKA UMA SEBEHAMBILE?
Ake sibheke ezinye zezinto ezizoba usizo olukhulu neminye yemphumela uma sekuhambe labantu bokufika.
1. Imsebenzi - azoba maningi amathuba omsebenzi azovuleka. Kanti futhi uma kunabantu abambalwa emikhakheni efana nokwakha, ezolimo, izitolo ezifana noSpaza shop kanye neminye. Uzobamncane kakhulu umncintiswano.
2. Ukincipha kwengcindezi ezikhungweni zikaHulumeni - umnyango wezempilo, izikole, izindlu, izibonelelo zikaHulumeni kanye nokunyr.
3. Ukuqina nokulandela komthetho - izinkampani eziningi kuzophoqeleka ukuthi zilandele umthetho futhi ziqashe abantu abanezincwadi ezifanele futhi bakhokhe iUIF, PAYE, Tax. Lokho kuzokwandisa abakhokhi bentela nokuvikela abasebenzi.
4. Ukuvikeleka - SAPS ithi ubugebengu obub'cayi buwela umngcele obufana neHuman Trafficking, izidakamizwa, ukuthwala kwezimpahla ngokungemthetho, izimoto ezebiwe nokunye kodwa kuzoncipha.
KHUMBULA: akulona izwe laseMzansi kuphela elixosha labantu bokufika. Nalu uhlu lwamazwe abaxoshayo:
a) BOTSWANA: ixosha amaZimbabweans ngaphansi kwesiqubulo esithi "Operation Phepha"
b) NAMIBIA: Nayo iyabaxosha abokufika
c) TANZANIA :nayo iqhuba iOperation Tokomeza
d) KENYA, RWANDA AND UGANDA abazwani ke bona.
e) GHANA, ANGOLA namanye amazwe.
Okugqamayo ukuthi abaxoshwa emazweni amaningi abantu baseNigeria ngenxa yezenzo zabo.
Click here to claim your Sponsored Listing.
Location
Contact the business
Website
Address
Durban
ZAR